Bavuke indlobane isihlabani somculi singalubhadi emcimbini

2015-08-25 07:46

Bulawayo - Kusuke umsindo ngesikhathi isihlabani somculi wejazz saseZimbabwe u-Oliver Mtukudzi engalubhadi emcimbi obekumele anandise kuwona, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweBulawayo 24 uMtukudzi bekumele anandise nabanye abaculi okubalwa kubo uSuluman Chimbetu noSoul Jah Love.

Imthombo esondelene nalo mculi idalule ukuthi lo mculi uxinwe ukugula kangangokuba ubengeke esakwazi ukunandisa ngenxa yesimo sempilo yakhe.

"Ubengaphilile neze futhi udokotela wakhe uyena pmxwayisile ukuthi angangeni esiteji ngosuku obekumele ajabulise ngakho abalandeli bakhe,"kusho umthombo.

 USam Mataure oyimanenja yalo mculi uthe uMtukudzi ubebanjwe umkhuhlane nokumphoqe ukuthi akhansele ukuya kulo mcimbi obungempelasonto.

UMataure uthe uMtukudzi uzokwenza omunye umcimbi ngokuhamba kwesikhathi eChinhoyi ukuze ajabulise abalandeli bakhe abebemlindele ngambomvu.

OLUNYE UDABA: 'Ushaywe wabulawa ontshontshe isobho'

"Kwakungekho ayengakwenza ngenxa yokuthi wayehlonipha imiyalelo kadokotela.

Siyaxolisa kakhulu kubalandeli bakaTuku baseChinhoyi,"esho.

Umhleli walo mcimbi uTafadzwa Maridadi uthe abantu bavuka indlobane kwaba nzima nokulawula isimo ngesikhathi kuhamba isikhathi bengamboni uMtukudzi.

"Abanye abaculi ababekhona bashaya into ecokeme kodwa abantu nakuba kunjalo babefuna ukuzibonela uMtukudzi wabo.

Abantu baqala balimaza impahla bajikijela esiteji amabhodlela isimo saba muncu,"echaza.

Uthe baze baphoqeleka ukuthi babuyise uChimbetu owayeseqedile ukunandisa.

"UChimbetu akazange ananaze wabuyela esiteji nesimo saqala ukwehla abantu behlise nemimoya eyabe isiphakeme."

          - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.