Bayagana abasebenzisa umuthi ka-R2.50!

2014-12-19 16:12

Johannesburg - Umphrofethi ophinda abe yisangoma uPaseka Phakathi, ufunga uyagomela ukuthi ngomuthi wakhe ka-R2.50, nje kuphela, ungathola umendo.

UPhakathi, 26, uthi umuthi wakhe usebenza kakhulu emadodeni asabayo ukuganwa, kusho abezindaba zeDaily Sun.

Kufika iphephandaba, bekunojenga lwabantu ebebezofuna usizo kulo makhosi oseSilvertown, eBekkersdal, eGauteng.

Omunye wabesifazane eligodliwe igama lakhe, uthi uhleli kahle nomyeni wakhe amthola ngemuva kokusebenzisa umuthi kaPhakathi.

Lo nkosikazi wasebenzisa umuthi amaviki amabili kuphela, indoda yamcela umshado.

Omunye okhulume nephephandaba, uthi indoda isiqalile ukumlobola, uthi naye usebenzisa wona lo muthi ka-R2.50.

“Kade ngangiqoma amadoda edlala ngami, ngathi uma ngithola lona, ngazitshela ukuthi uzongishada ngenkani," kuzikhulumela owesifazane.

UPhakathi uthi akabazi bangaki abesifazane asebasizile.

“Kuyangithokozisa ukubona abesifazane bejabule beganile. Ngisebenzisa namanzi ukuxhumana noNkulunkulu," kusho uPhakathi.



 –"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.