"Bengingafuni ukuba yinkabi"

2015-08-11 13:31

Johannesburg – Owesilisa ukhala ngowefazane osemphoqe kusukela ngoJanuwari ukuthi abulale umyeni wakhe kodwa elokhu ebika imbiba nebuzi ngenxa yokuthi akazimisele ukuba yinkabi.

“Ubelokhu engincenga ukuthi ngibulale umyeni wakhe kodwa ngilokhu ngihlehlisa,”kusho uBernard Mahlangu oneminyaka engu-28 ubudala waseSpruitview  Ekurhuleni.

“Angikaze ngabulala muntu empilweni yami.

Ngavuma ngesikhathi engicela ngoba ngangifuna ukumsaphaza emphakathini,” kusho uMahlangu ngokubika kweDaily Sun.

UMahlangu uthe wavecelwa yilona wesifazane ukuthi ayise umyeni wakhe kwagoqanyawo.

“Ngamtshela ukuthi ngifuna u-R50 000 ngalo msebenzi kodwa wangitshela ukuthi akanawo angakwazi ukunginika u-R15 000,” echaza.

“Besikhuluma njalo ocingweni engitshela ukuthi umyeni wakhe ukuphi. Waze wangenza ngahlangana nomyeni wakhe ngazenza isoka likadadewabo.”

OLUNYE UDABA: Usola 'omakhelwane' ofelwe yizingane

Uqhube wathi bebebuye bathumelelane nemiqhafazo njengoba enayo yonke imiqhafazo engaba wubufakazi ukuthi uhlose ukubulala umyeni wakhe emaphoyiseni. 

“Wangitshela ukuthi akasamthandi umyeni wakhe futhi umfuna efile.

Ngamxwayisa ngokuthi makehlukanise naye. Wangitshela ukuthi uma ngingayifuni imali mangisho uzothola omunye ozowenza  lo “msebenzi”.  

UMahlangu uthe wamtshela ukuthi uzowenza lo “msebenzi”ngoba efuna ukuhlenga impilo yomyeni. 

“Ngemuva kwalokho ngaqonda emndenini wakwamyeni wakhe ngawubikela ngaze ngakhombisa nangemiyalezo yokuxhumana ebesixhumana ngayo.  

Umyeni wabe esevulela umkakhe icala ngemuva kokuthola ukuthi umkakhe ubezimisele ngokumyisa kwagoqanyawo.

Lona wesifazane ukhalelewe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mega Ndobe ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe ngoLwesine wathweswa icala lokubopha itulo lokubulala.

UNdobe uthe icala liyaqhubeka njengoba kusalindeleke ukuthi afake ngokusemthethweni isicelo sebheyili. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.