Hamba kahle Ncwadimende mfokaDimba

2015-01-19 12:32

Ncwasimende mfokaDimba

Ubeyiqhawe kwezamaciko elikhuluma ngesinono ngisho ehamba ubuzibonela nje ukuthi igama elithi ‘incwasimende’ belimufanela.

UJohnny Dimba uyena yedwa ummeli wezamaciko obefika ekhanda lawo wonke umuntu ongumculi uma kufuneka isixazululo.

Ubenzile obulungiswa obulingene namandla akhe, wazama ngayo yonke indlela ukulungisa isimo kulo mkhakha onzima nakuba igama lakhona lisho ezokujabula kepha okwenzeka ngemuva akujabulisi. Singabaculi base-KZN naseNingizimu Afrika yonkana silahlekelwe kakhulu.

Ngiyajabula ukuthi nakuba ngazalwa leli ciko seliyisilomo ngengoma yalo eyayithi Dear Msakazi, ngikhulile ngagcina sesazana kakhulu, noma ngabe ikuphi lapho sihlangana khona besixoxa ngamaqhinga okuzama ukulungisa isimo kwezomculo ukuze abaculi bacijeke ngolwazi nangemigudu okumele baguduze kuyo uma befuna ukulungelwa izinto.

Funda nalolu daba: Msakazi - Johnny Dimba

Sithi uwagudle kahle lawo mathafa mfokaDimba. Ukube bekuya ngami ngabe uNgqongqoshe wezamaCiko uqamba ngawe isikhungo esithize ukuhlonipha iqhaza lakho.

Ihambe kahle iNcwasimende iphelezelana nezinye izingwazi ezifana noBra Pat Matshikiza, Andrea Crouch (owaqamba ingoma ethi Soon and Very Soon), nowayengumsakazi ubaba uMtholephi Mthimkhulu.

Nizohamba nixoxa ulimi olulodwa, nixoxe izindaba enizaziyo endleleni. Sithi uhambo oluhle zingwazi zakithi.


Kukhala uSandy B (Ongumculi, somabhizinisi, msakazi)

Ungaxhumana noSandy ku-sandyb@megastar.co.za

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.