Hlukanani phansi noMinnie Dlamini

2015-01-05 08:06
Ntombizenele Mtshali

Ntombizenele Mtshali (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Ngicela baphakamise izandla bonke abangayiholi imali yeqolo bebe bezele - eish, babili kuphela.

Ngicela baphakamise izandla abangazele - 1, 2, mmhhhu babili kuphela nala!

Okokugcina, ngicela baphakamise izandla abangakaze baphuphunyelwe yizisu, 1,...abekho abanye abaphakamisayo, okusho ukuthi uyedwa kuphela.

Angeke ngisho lutho ngabathatha isinqumo sokuthi bahushule.

Okay, sonke sesibonile ukuthi bambalwa kangakanani abesifazane abangazele nabangakaze bavelelwe wumshophi wokuthi "baphuphunyelwa yizisu".

Uma-ke kunenhlekelele engaka yabesifazane abangaphelele ebuntombini babo, unyuswa yini ushukela kubantu uma umndeni wakwaDlamini ukhetha ukubonga uphinde uqhakambise indodakazi yawo?

Kakade uMinnie Dlamini simazi engazele futhi asikhumbuli sizwa kuthiwa uhushule isisu noma simchithekele.

Ngiyabuza futhi, ningenaphi uma abazali bakhe bemkhulisa ngendlela abamkhulisa ngayo.

Ngokwami ngingathi mhlampe kube nokudideka egameni lomcimbi abawenzile, njengoba bethe umhlonyane, njengoba ngazi umhlonyane wenzela itshitshi elisanda kuthomba.

Ngolwazi enginalo, ngikholwa wukuthi bekungezwakala kangconywana ukube kuthiwe umemulo, wona owenzelwa noma ubani noma angaba ngakanani.

Senikhulume kwanwebeka imilomo, nithi uMinnie "bamqedile", akasayiyo intombi, ubani vele obethe uyintombi?

Ubani othe umemulo wenzelwa intombi-nto?

Njengayiphi ingane ehamba iyotshela abazali bayo ukuthi sebeyigqekezile? Angithi phambilini kwakubonakala umayihlokoza esigcawini, uma kugqashuke unhlwehlwe, bese kuba yizona zinkomba zokuthi ingane ayisagcwele.

Kulula ukukhuluma  izindaba zabantu uma ezakho zingaziwa, asifunde ukuzithiba, sike  nje sithule njengomuntu osebhukwini.

Abanye bayenzelwa umemulo noma sebezele, lo mkhuba awuhlangene neze nobuvajini. Kungenzeka ukuthi awuyizwisisi kahle eyokukhuluswa kukaMinnie, vele akusiyo eyakho, phuma kuye!

Okuyikho ekumele kukubuse ukuthi yonke ingane iyigugu kubazali bayo futhi iyisibusiso, kwawena imbala yize unje.....

Ngiyamhalalisela uMinnie ngokunika abazali bakhe isizathu sokuthi bamjabulise ngale ndlela.

Nina maZulu engicwele umona enikhuluma ningenakho ukuqonda nisihlanganyele nezizwe, sengathi beningazihlupha ngokufunda izinto zethu kwaZulu, bese kuba yithi esifundisa izizwe noma zisihleka, siphinde nathi sizondle ngolwazi.

N.B - Ngikhulele kwaMashu, ulwazi enginalo ngemikhuba yesintu, ileyo engihamba ngiziqoqela mina, ngalokho angiziboni nginegunya lokugxeka ukuthi ubani wenze kahle noma cha.

Okunginyusela uwoyela, yinzondo eqhutshwa abantu bebekana amabala besho bengenalo nolwazi olugcwele!



Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.