I-ANC iluthathele phezulu olukaLa Grange – FF Plus

2015-01-19 18:31
Johannesburg - I-ANC iluthathele phezulu udaba lukalowo owayengumsizi kalowo owayengumengameli uNelson Mandela, uZelda La Grange, kusho iFreedom Front Plus ngoMsombuluko.

"I-ANC inehaba mayelana nokuphawula kukaZelda La Grange ngoMengameli Jacob Zuma enkundleni yezokuxhumana uTwitter,” kusho owe-FF Plus u-Anton Alberts esitatimendeni.

"UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ugxile ekuqinisekiseni ukuthi abelungu abaphathi. Vele sesiside isikhathi abamhlophe baphuma emandleni, ikusasa lezwe lisezandleni ze-ANC manje.”

OLUNYE UDABA: ULa Grange uxolisile ngombhalo wakhe kwiTwitter

U-Alberts uthe inkulumompikiswano kuleli kumele igxile ekubuseni ngokubambisana kanjalo nasekuthuthukisweni komnotho esikhundleni sokuthi ibe ngobuhlanga.

"Uma sihluleka ukwenza njalo, ngebhadi luzoqhubeka uqhekeko.”

Ngokombiko weBeeld, i-African National Congress ibize uLa Grange “ngomlungu odakwa wumbuso”.

ULa Grange uvuse imvunge kuTwitter ngoMgqibelo ngemuva kokuthi athi uzizwela sengathi abantu abamhlophe abamukelekil eNingizimu Afrika.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.