I-ANC iphefumula ngesinqumo esivune i-DA

2015-01-19 16:01
Johannesburg - Iqembu eliphikisayo akumele lisithathe njengokunqoba isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo mayelana nodaba lomqhafazo owathunyelwa yi-DA, kusho i-ANC.

Kulo mqhafazo leli qembu lathi uMengameli Jacob Zuma "weba" imali.

Le nkantolo ephezulu ikhiphe isinqumo ngoMsombuluko ngecala elalidluliswe yiDemocratic Alliance kulandela ukuthi ivinjelwe yiNkantolo yezoKhetho ukuba ithumele le miyalezo.

OLUNYE UDABA: Inkantolo ivune iDA ngeSMS ethi uZuma 'uyisela'

Okhulumela i-African National Congress uZizi Kodwa uthe lesi sinqumo sisho ukunqoba kukaKhongolose ngoba sekuyacaca ukuthi ngisho umbiko abawuhambisa kuMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela babewususela ekhanda.

Lo mqhafazo we-DA, owathunyelelwa abavoti ababalelwa ku-1.5 million eGauteng wawufundeka kanje: “Umbiko ngeNkandla ukubeka ngokusobala ukuthi uZuma wantshontsha imali yenu ukuze akhe umuzi wakhe ka-R246m. Votelani i-DA ngoMeyi 7 ukuze kulwisanwe nenkohlakalo.”

UKodwa uthe: "Akulona iqiniso ukuthi umengameli Zuma weba imali yabakhokhi bentela ukwakha umuzi wakhe – nokuyiphuzu elabonakala kaningi emibikweni eyaphuma."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.