Cape Town - Kumele nivotele uKhongolose, nikhiphe iDemocratic Alliance ekubeni nguhulumeni wesifundazwe saseWestern Cape, kusho uMengameli uJacob Zuma ngesikhathi ehambele imiphakathi emalokishini ahlukahlukene kulesi sifundazwe.Ngokusho kwabezindaba zeDaily Voice, uZuma utshele abahlali wathi namanje iDA iyiqembu elikhathalele kuphele abelungu."Kumele nivote okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016, kumele nikhiphe i-DA. I-DA ikhonela ukufeza izimfuno zabelungu," kucashunwa uMsholozi.UZuma uhambele e Brown's Farm nasePhilippi, njengoba ekulesi sifundazwe ngaphambi kokuthi kubanjwe umbungazo omkhulu we-African National Congress, ezobe iqeda iminyaka engu-103 yasungulwa.Abahlali abahlangane nomengameli, bamtshele ngosizi lwabo, bekhala ngokungatholakali kwemisebenzi kanjalo nemizi engekho sezingeni elamukelekile. – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho. – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).