I-EFF iphika eyomnqamulajuqu

2015-01-16 13:38

Johannesburg - Iqembu i-Economic Freedom Fighters aliphumeli obala ngemibiko ethi elinye lamalungu eqembu likhiphe umnqamulajuqu lithi akuchithwe izinqumo ezathathwa okhethweni lwezikhundla.

Imibiko ithi ukhetho aluhanjiswanga ngendlela, okwenzeka akubanga yintando yeningi.

"Angazi lutho ngalolo daba," kusho umkhulumeli we-EFF uFana Mokoena. 

Funda nalolu daba: UMalema uqhubekile nokudelela uZuma

"Angazi noma ikhona yini incwadi eyamukelwe yiqembu. Ngibize umhlangano ekuseni akekho obesaphendulile, ngalokho angeke ngaqinisekisa lutho," kuchaza uMokoena.

Iphephandaba iThe Citizen, liveze ukuthi uMpho Ramakatsa, ubhale incwadi ebhekiswe kumholi weqembu uJulius Malema noNobhala bezifundazwe ekhala ngokhetho lobuholi. 

URamakatsa uthi ukhetho aluhambiswanga ngentando yeningi, ngalokho kumele luchithwe.

Ukhetho lwabanjwa ngenyanga eyedlule, lubanjelwa e-University of the Free State.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.