I-EFF isamile kwelokuthi uZuma akhokhe imali

2015-01-13 14:32
Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma kumele akhokhe ingxenye yemali eyasetshenziswa kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla, kusho i-Economic Freedom Fighters ngoLwesibili.

"Ngo-2015, i-EFF izoqinisekisa ukuthi uZuma ugcina eyikhokhile le mali efunekayo njengokwezincomo zoMvikeli woMphakathi,” kusho uNobhala Jikelele weqembu uGodrich Gardee.

UGardee ubekhuluma nezintatheli eGoli ngemuva komhlangano wesigungu se-EFF obungomhlaka-11 Januwari.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthe iqembu noZuma bazohlangana uma sekuvulwa iPhalamende ngoFebhuwari 12.

OLUNYE UDABA: Iyasikopela i-ANC, kukhala i-EFF

"Asizami ukwakha isiphithiphithi,” kusho uMalema. “UZuma nguye okuvezile ukuthi ulithatha kancane iPhalamende.”

UMalema uqhube ngokuthi i-EFF izophoqa uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete noZuma ukuba bahloniphe imithetho ebekiwe.

Ngonyaka odlule, uThuli Madonsela wakhipha umbiko othi uZuma nomndeni wakhe bahlomula ngokungafanele ngesikhathi kulungiswa umuzi, wathi enye imali kumele ikhokhwe.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.