Johannesburg – Isikhulu esiphezulu senhlangano yezizwe i-United Nations uBan Ki-moon ugxeke izigameko zakamuva zokubulawa kwabantu eNigeria.
Kubikwa ukuthi lezi zigameko zokubulawa kwabantu ziqhutshwa abombutho wamaSulumane iBoko Haram njengoba sekubulawe abantu abangamakhulu abantu.
OLUNYE UDABA: INigeria icela usizo ngeBoko Haram
Ihhovisi likaKi-moon likhiphe isitatimende ngeSonto lapho ligxeke khona lezi zigameko zokubulwa ngesihluku kwabantu edolobheni laseBaga esifundazweni iBorno.
Eminye imibiko iveze ukuthi sesifinyelele ku-2 000 isibalo sabantu ababulewe.
Isitatimende sikaMoon siveze ukuthi kusetshenziswe ingane yentombazane eneminyaka eyishumi ebifakwe ibhomu ekubulalweni kwabantu abangu-19 emakethe yaseMaiduguri.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter