I-Uganda isivale eyokubuyiselwa ‘kwelobolo’ emuva

2015-08-07 09:59

Kampala - INkantolo eNkulu e-Uganda ikhiphe isinqumo esithi ukubuyiselwa kwelobolo emuva uma umshado uphethe ngedivosi, akusekho emthethweni.

Lesi sinqumo sishayelwe elikhulu ihlombe yizinhlangano zamalungelo abantu ezithi abesifazane “ngeke besavaleleka emishadweni ebahlukunyezwayo kuyo”.

OLUNYE UDABA: UShabba ubuyiselwe ilobolo lakhe

Kuthiwa e-Uganda abakamkhwenyana bahambisa izimpahla kamakoti njengengxenye yosiko, kuthi uma umshado ungahambanga kahle kuphoqeleke ukuthi abakwamakoti bazibuyisele emuva lezi zimpahla.

“Ukubuyiselwa kwalezi zimpahla emuva kubeka engcupheni isithunzi somuntu wesifazane,” kusho uMengameli wamaJaji uBart Katureebe, enezezela ngokuthi lokhu kuchaza ukuthi umuntu wesifazane uma eshadile kusho ukuthi “usuke ebolekisiwe”.

Lesi sinqumo sisho ukuthi abesifazane bazokwazi ukushiya emishadweni uma bengaphathekile kahle, ngaphandle kokukhathazeka ngale mali noma impahla okumele ibuyiswe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.