I-video kubulawa usomatekisi eMpangeni

2015-08-05 17:23

Durban – Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kabuhlungu kukasomatekisi egaraji likaphethiloli eMpangeni ngoMsombuluko.

Le video yesehlakalo sokubulala, esiqoshwe amakhamera asegaraji, iveza umlisa edutshulwa amahlandla amaningi, edutshulwa ngabalisa ebebeseduze kwakhe.

Lo somatekisi ushonele khona endaweni yesehlakalo.

Funda nalolu daba: Umfana omncane ubulawelwe ikhekhe

Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker ukuqinisekisile ukuthi abaseshi baphenya ngecala lokubulala, ngemuva kwesehlakalo esenzeke egaraji likaphethiloli eMpangeni.

“Kusolakala ukuthi umlisa oneminyaka engu-55 ubudala udutshulwe washona ngabalisa abangaziwa egaraji likaphethiloli. Imbangela yokubulala ibingakaziwa,” kusho uNaicker.

Phambilini iZululand Observer idalule isisulu ngelikaDumisani Mthethwa ongusomatekisi waseSoweto.

Buka i-video ngezansi; ungayibuki uma kuzozwela kakhulu ngoba kunyantisa igazi okwenzeka lapha:

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.