Johannesburg - Umdlali waseGhana u-Asamoah Gyan uthi iBafana Bafana igcwele uvalo njengoba izobhekana neGhana kowe-African Nations Cup kanti lokhu kudalwa ukuthi iGhana iyaziwa ukuthi idume ngani kulo mqhudelwano.
Lo mdlali akazange aphumele obala mayelena nokuthi iqembu lakhe lihlose ukufinyelela kusiphi isigaba kulo mqhudelwano ozobanjelwa e-Equatorial Guinea.
I-Algeria, Senegal neNingizimu Afrika bazobhekana neGhana emidlaweni yokuqala kulo mqhudelwano, kodwa uGyan unethemba lokuthi izwe lakhe lizodlula ngale kokuphazanyiswa.
Funda nalolu daba: IDikwena izothathela iSundowns izinyathelo.
"Sibhekene namaqembu anzima kodwa akumele sikhohlwe ukuthi bonke bayayisaba iGhana. Uma kukhulunywa ngebhola lezinyawo, iGhana ingelinye lamazwe ahlonishwayo e-Afrika,” kusho uGyan etshela iSowetan.
"Nakuba sizobhekana namaqembu anzima sesicabanga umzuliswano olandelayo."
IGhana izobhekana neBafana Bafana ngoJanuwari 27 eMongomo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).