Abuja – Umlisa
ozibiza ngomholi weqembu lamaphekula eNigeria, iBoko Haram, usabise izwe
elingomakhelwane iCameroon ngokususa udlame uma nje lingayeki ukulandela
umthethosisekelo walo bese lenza izinto ngokwenkolo yamaSulumane.
I-video efakwe kwi-internet iveza umlisa obukeka njengenhloko
yaleli qembu, u-Abubakar Shekau, kodwa ithwebulwe ekude.
Leli qembu, eselibulale laphinde lathumba inqwaba yabantu
ngemizamo yokwakha isifunda samaSulumane eNigeria, like lahlasela nezwe laseCameroon
ngonyaka odlule.
Funda nalolu daba: Iqembu eliphikisayo lidube izihlalo ePhalamende.
Cishe futhi
bangu-15 abantu ababulawa yiBoko Haram besebhasini enyakatho yezwe laseCameroon
ngelanga likaNcibijane.
"Ngiyaneluleka
ukuba niyeke ukulandela umthethosisekelo kanye nentanto yabantu engahambisani
nenkolo yamaSulumane,” usho kanje, efunda phansi.
"Uma
nifuna uxolo kumele niphenduke nilandele u-Allah, kodwa uma ningakwenzi lokho
sizoxoxisana ngodlame kuphela,” usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).