ICeltic ikhalisane nomndeni womlandeli oshonile

2015-08-17 06:58

Johannesburg – USihlalo weBloemfontein Celtic uMax Tshabalala usezwakalise ukushaqeka kulandela ukudlula emhlabeni komlandeli webhola ngemuva kokushayiswa yimoto yabaleka.

Lesi sigameko senzeke ngaphandle kwenkundla lapho iSiwelele ibidlala khona neKaizer Chiefs kowe-MTN8, kubika iKickOff.com.

Ngokusho kwe-website yeCeltic, lo mlandeli, obesuka eKapa, ushayiswe yimoto ngaseFree State Stadium kusanda kuphela lo mdlalo ngeSonto ntambama.

"Kuyinto ebuhlungu kakhulu ukudlula emhlabeni komuntu ngale ndlela,” kusho uTshabalala.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke umlandeli weChiefs washona enkundleni

"Sibuhlungu kakhulu njengomndeni weCeltic ukulahlekelwa ngumlandeli obezinikele ekwesekeni iqembu, wagudla imifula nezintaba.

“Sikhalisana kakhulu nomndeni. Siyiqembu sizohambela umndeni kamufi ukuze sibone ukuthi singawusiza ngani. Siyabanxusa abashayeli ukuba babacabangele abantu abahamba ngezinyawo ngaso sonke isikhathi.”

IPhunya Sele Sele isicele noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba athintane namaphoyisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.