IChippa United iza nokusha – Middendorp

2015-01-15 18:33
Johannesburg - Umqeqeshi weChippa United u-Ernst Middendorp uthi abafana bakhe bazobuya begabe ngokusha kodwa uma sekuqala isigaba sesibili sesizini ngenyanga ezayo.

Lo mqeqeshi uthathe izintambo kuRoger Sikhakhane, waba ngumqeqeshi ka-12 wamaChilli Boys eminyakeni emithathu.

UMiddendorp, oke waqeqesha iBloemfontein Celtic uthi abadlali bakhe banentshisekelo, ukuzinikela nokulangazelela ukuqeda kuTop 8.

OLUNYE UDABA: IChippa iqashe uSikhakhane ngokugcwele

"Ngabe nginamanga uma ngithi abadlali abanalo ithalente,” esho ngoLwesine.

"Umqeqeshi engingene ezicathulweni zakhe wenza umsebenzi oncomekayo. Uyabona nje nasekhempini ukuthi abadlali bazimisele.”

Leli qembu eselizinze ePort Elizabeth, lizotholana nelaseGermany i-VfL Wolfsburg eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto kowobungani.

Izivakashi zibhaxabule i-Ajax Cape Town ngo 4-1 emdlalweni wangoLwesithathu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.