ICosatu ivulele uZille icala ngokulimala kwabafundi

2015-07-24 18:46

Cape Town – ICosatu ivulele uNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille icala lokuba budedengu ngemuva kwengozi eyenzeke esikoleni saseDelft okulimale kuyona abafundi ababili.

UNobhala Jikelele weCongress of South African Trade Unions kulesi sifundazwe uTony Ehrenreich uthe bavakashele isikole iSunray Primary ngoLwesihlanu kulandela ingozi eyenzeke ekuqaleni kwaleli sonto. 

“Iwindi lalesi siskole liwe laphumela ngaphandle kwalimala abafundi ababili abaneminyaka engu-7 ubudala.

Omunye walaba bafundi kuphoqeleke ukuthi athungwe amahlandla angu-8.

OLUNYE UDABA:Usale nenkebenkebe yengozi umfundisi "onomlomo omanzi"

Lesi sikole sakhiwe ngendlela ebhedayo futhi eyingozi,” kusho iCosatu ngesitatimende.

UZille utshele iNews24 ukuthi uyazwelana kakhulu ngokulimala kwabafundi ababili kulesi sikole.

“Njengenjwayelo u-Ehrenreich uxuba isimo esifana nalesi nepolitiki okuyinto engeke isize ngalutho.”

U-Ehrenreich usola ukuthi umnyango wezemfundo wabikelwa ngalesi simo salesi sikole kodwa wangenza lutho.

Umnyango uyakuphika lokhu.

“ICosatu isivulele uNdunankulu uZille icala lobugebengu lokuba budedengu  ngendlela uhulumeni wakhe aphatha ngayo abafundi.”

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.