IDA eKZN ixoshe ikhansela 'elibozayo'

2015-06-12 13:30

Durban – IDemocratic Alliance KwaZulu Natal ikhombe indlela ikhansela layo ngenxa yokuba isahluleki ekuqhubeni umsebenzi walo ngokusho kwaleli qembu ngoLwesihlanu.

USihlalo waleli qembu esifundazweni uHaniff Hoosen uthe iqembu lihoxise ubulungu bekhansela laseXobho uDerek Ram ngemuva kwezinyanga kunezikhalazo ngaye ngokungaqhubi kahle umsebenzi wakhe.

“Kwenziwe imizamo eyahlukene ukusiza leli khansela, ikomidi le-DA lokuqondisa izigwegwe lifinyelele ekuthatheni isinqumo sokuthi uyehluleka ukuqhuba umsebenzi wakhe njengekhansela elivotelwe umphakathi,” kusho uHoosen.

Uthe ngaphandle kokuhluleka emsebenzini wakhe wokuvotelwa umphakathi uRam kuningi nokunye obekumhlula emsebenzini abejutshwe wona.

OLUNYE UDABA:Owe-EFF ubanjwe yingoduso ibhulukwe liphansi, enentombi

“Kunemibiko obekumele ayidlulise kodwa engayidlulisi, eminye yale mibiko sekuphele cishe unyaka engayidlulisile. Ubehluleka nokuzimbandakanya nasemisebenzini yeqembu.

"Ngamafuphi ubengumuntu okunzima ukusebenza naye.”

Eziphendulela uRam uthe akakhonjwanga indlela kodwa uyena osulile.

“Bakhuluma into engawenzi umqondo, imina osulile emasontweni amabili adlule ngoba bengingagculisekile.”

Uqhube wathi ubengelona ikhansela ngokugcwele njengoba ebenayo eminye imisebenzi abeyenza.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.