IDA ithi ikhathazekile ngokushiya kothisha eNWest

2015-08-15 13:29

Johannesburg - Abeqembu lezepolitiki eliphikisayo, iDemocratic Alliance (DA), esifundazweni saseNorth West bathi bakhathazekile  ngemuva kokuthola ukuthi esikhathini esingangezinyanga ezimbili bangu-900 othisha asebeshiye umsebenzi eMnyangweni wezeMfundo eNorth West.

OweDA uTutu Faleni uthe izikhala zomsebenzi ziningi kanti abekho abangena kuzo ngokushesha okuholela ekutheni kushode othisha. Lokhu kwenza abafundi bazibonele ezifundweni zabo.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa othisha ngokusheshe bethathe umhlalaphansi

UFaleni uphinde wathi iqembu likhathazekile ngokuthi othisha abashiyayo yilabo asebemnkantshubomvu futhi abawuhloniphayo umsebenzi, kubika i-SABC.

Okunye abakhathazeke ngakho wukuthi umnyango uthatha isikhathi ukuqasha abanye othisha.

Khonamanjalo abenyunyana iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) esifundazweni bathi nabo bakhathazekile ngodaba lokungabi bikho kothisha.

ISasdtu ithi ziphezulu izibalo zothisha abawuyekayo umsebenzi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.