IDA imise ikhansela ebelifuna umbulali ehliselwe isigwebo

2015-06-08 14:35

Cape Town – IDemocratic Alliance imise ikhansela lewadi laseWestern Cape ngemuva kokuba libhalele ijaji lasenkantolo incwadi yokuba lehlise isigwebo selungu leqembu lezigilamkhuba futhi elingumbulali.

Umholi weDA futhi oyiMeya yedolobha laseKapa uPatricia de Lille kwisitatimende uthe uWillie Jaftha oyikhansela laseBelhar umisiwe ngokushesha “ngokomthethosisekelo weDA futhi useyitholile nencwadi emumisayo”.

Ukumiswa kukaJaftha kuqhamuka ngemuva kokuba enikezele ngencwadi iJaji laseNkantolo ePhakeme yaseKapa uChantel Fortuin emnxusa ukuthi anciphisele isigwebo uReyaaz Dennis oyilungu leqembu lama-28 owalahlwa yicala nomholi weqembu lakhe uGeorge “Geweld”  Thomas nabanye abangu-15 ababhekene namacala ahlukene okuhlanganisa nawokubulala.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umnikazi we-bar eHillbrow

Kule ncwadi eyathunyelwa nesigxivizo sikamasipala wedolobha laseKapa uJaftha uyakuqinisekisa ukuthi uDennis ubehlala eBelhar futhi akakaze athole izimangalo ngaye emphakathini.

“Wayengumfundi nezingane zami futhi ehlonipha endaweni. Akekho owakhe wakhononda ngaye,” kubhala uJaftha.

UJaftha utshele iNews24 ukuthi ngoLwesihlanu wathola incwadi eqhamuka kusomlomo woMkhandlu umazisa ngokuthi kumele avele ngaphambi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe.

“Ngizokwazi ukuphawula kahle ngalolu daba uma uhlelo lokuqondiswa kwami izigwegwe seluphothuliwe."

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.