Johannesburg - Umdlali wePlatinum
Stars uRobert Ng'ambi uselule inkontileka yakhe naleli qembu – nosekuqede amahlebezi
okuthi angase ayodlalela iMamelodi Sundowns, Orlando Pirates noma iSuperSport
United.
Isikhulu seDikwena uRatanang Nke uthi leli qembu laseRustenburg
lisebenzise ilingelo layo lokumsayinisa eminye iminyaka emibili njengokwesivumelwano
abanaso noNgambi.
Lo mdlali waseMalawi inkontileka yakhe bekulindeleke iphele
ngoJuni.
Funda nalolu daba: 'URantie uzophinde ayishaye futhi iPenalty ngokuzayo."
"Usazohlala kuleli qembu lo mdlali. Siphinde samsayinisa,”
kusho uNke kuKickOff.com.
"Kunezinkinga ezincane kwabanye abadlali abazophelelwa
izinkontileka ekupheleni kwesizini.”
"Kodwa ngifuna ukuqinisekisa abalandeli bethu ukuthi senza
konke okusemandleni ukugcina abadlali abanethalente.”
"Kunezindaba ezinhle esizozibikela abalandeli bethu maduzane,”
usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).