IDikwena izothathela iDowns izinyathelo

2015-01-07 12:32

Johannesburg – IPlatinum Stars iveze ukuthi izothathela iMamelodi Sundowns izinyathelo ngezinsolo zokushela umdlali wayo uTshepo Gumede lingakavuleki iwindi lokushintshana kwabadlali.  

Kulindeleke ukuthi inkontileka kaGumede neStars iphele ngoJuni kulo nyaka kanti ngokwemithetho yeFIFA umdlali angakwazi ukusayina inkontileka nelinye iqembu uma sekusele izinyanga eziyisithupha neqembu lakhe.

IDikwena isola amaBrazilians ngokuthi aqale ukuxhumana nalo mdlali ngoDisemba ngaphandle kwemvume yabo.

OLUNYE UEDABA: IDikwena isezingxoxweni zenkontileka nomdlali wayo

Ekhuluma neKickOff uSihlalo weDikwena uRatanang Nke ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe lizofakela uMqondisi weSundowns uDan Simelane isimangalo kwi-PSL Dispute Resolution Chamber.

“Uma lokhu okuthiwa kwenziwa yiDowns kuyiqiniso kuzobe kuphambene nomthetho njengoba izingxoxo phakathi kwethu nobaphathi wezindaba zikaGumede, uVusi Manana, beseziya ngasekuphothulweni,” esho.

“Sesidlulisile isikhalo sethu kuSimelane kanti sisalinde aphendule, nakuYogesh Singh ngenhloso yokuthi sibe nobudlelwano obuhle,” kusho uNke.

Imizamo yokuthola okhulumela iSundowns uKabelo Mosito iphunzile.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.