Johannesburg – Sekuvele ukuthi iMamelodi Sundowns igaqele omunye umdlali we-Orlando Pirates ngokubika kweSoccerLaduma. Kubikwa ukuthi leli qembu elingagodoli ngemali uma kukhona umdlali elimfunayo lifuna uthuli uPatrick Phungwayo ogijima emuva kwiBucs. Phambilini kwabikwa ukuthi uPhungwayo oneminyaka engu-26 ubudala wabe engagculisekile kwiBucs kulandela ukungalitholi ijezi.Inkontilea kaPhungwayo oseqalile ukudlala kwiBucs iyaphela ngoJuni 2015. OLUNYE UDABA: Angase abuyele ejokeni uPhungwayoUPhungwayo oqale ukuthola ijezi ngemuva kokulimala kukaThabo Matlaba ungomunye wabadlali abangu-34 abamenyezelwe nguShakes Mashaba ngoLwesine abangase babe yingxenye yeqembu elizoya e-Equatorial Guinea. Nakuba iDowns isizwakalise intshisekelo kuPhungwayo kodwa kubukeka esemancane amathuba okuthi iBics ingamdedela ngemuva kokwenza kahle ngesikhathi uMatlaba esalimele. Kuzokhumbuleka ukuthi iDowns igaqele omunye umdlali weBucs u-Oupa Manyisa osanda kugixabezwa ngesikhundla sobukaputeni kuleli qembu. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter