IJoyous Celebration izoqophela elokishini lodumo

2014-12-18 11:14

Johannesburg – Izoqoshelwa elokishini lodumo eSoweto i-CD ne-DVD yeqembu lomculo wowokholo iJoyous Celebration.

Ngokubika kweDaily Sun leli qembu lizoqopha i-album yalo yesi-19 eGrace Bible Church ePimville kusukeka ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.

Kuzobe kuqala ukuthi leli qembu liqophe i-album yalo elokishini selokhu kasungulwa.

Kulindeleke ukuthi kugcwale phama kuleli sonto kulezi zinsuku ezihleliwe zokuqopha njengoba leli qembu liyintandokazi kubathandi balolu hlobo lo mculo.

ULindelani Mkhize ongomunye wabasunguli baleli qembu uthembise abalandeli ulozolo lodwa njengoba kuzobe kuqoshwa le album.

OLUNYE UDABA: Ifu elimnyama kushona oweJoyous Celebration

“Uma ngibheka indlela esizilungiselela ngayo ngishao ngingananazi ukuthi abantu amabalindele ukubusiseka kodwa,” esho 

“Ngeke bezwe nje umculo omtoti wesimanje kodwa sizophinde sibabuyisele emuva kusukela beqala ukusithanda,” kusho uMkhize.

Amathikithi okuyoba yingxenye yokuqoshwa kwale album ayatholakala ezitolo zakwaShoprite/ Checkers naseComputickets ngo-R150.

Abantu bazophinde banikezwe ithuba lokuzibonela ukuqopha kwaleli qembu kumabonakude kwi-SABC 1 ngeSonto kusihlwa.  

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.