IMeya ikhathazekile ngokutholakala kwezidumbu

2014-12-22 07:23

Cape Town – IMeya yaseCape Town uPatricia de Lille izwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezidumbu zabesifazane ezitholakala ngasesiteshini sesitimela esiseduze kweCentury City kulezi zinyanga ezedlule.

UDe Lille uthe kulezi zinyanga eziyishumi ezedlule sekutholakale izidumbu zabesifazane eseziqala ukonakala e-Akasia.

“Bonke laba besifazane batholakale benqunu imizimba yabo iboshwe izandla ngemuva. Bekungakaboshwa muntu ngalobu bugebengu obunesihluku,” esho kwisitatimende esikhishwe ngeSonto.  

“Amaphoyisa asaphenya kodwa njengoba esazama ukuhlanganisa ofakazi,” esho.

OLUNYE UDABA:Kutholakale izidumbu zasebekhulile

UDe Lille ukhiphe imklomelo ka-R50 000 kunoma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ekubopheni lo mbulali noma ababulali.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukubulawa kwalaba besifazane. ULieutenant Andrè Traut uthe isidumbu sokugcina satholakala ehlathini eliseduze neCentury City onqanqameni lukajantshi eKensington ngoLwesihlanu.

UTraut akakuqinisekisanga ukuthi lezi zigameko zihlobene kodwa waveza ukuthi uma kuqhubeka uphenyo bazokwazi ukuhlanganisa ubufakazi ababutholayo bese kuyabacacela ukuthi lezi zigameko zihlobene noma cha.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.