INingizimu Afrika ayilwisane neBoko Haram - Malema

2015-01-15 14:31

Cape Town – Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema useshiye angalazi kuMengameli waseNigeria uGoodluck Jonathan ngokuthula kwakhe ngeBoko Haram ehlasele edolobheni laseBaga ngeledlule.

Ekhuluma nabezindaba eGoli, uMalema uchaze uJonathan njengomholi ongenankathalo wabe esenxusa uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba angenelele ekulwisaneni nalezi zihonga.

UMalema uthe bazoludingida ePhalamende lolu daba ngoba bafuna uhulumeni kube khona akwenzayo ngeBoko Haram eNigeria ngokushesha.

Funda nalolu daba: IBoko Haram ibulale owesifazane obebeletha.

"Eh, uGoodlook, noma uBadluck, kodwa-ke noma ngabe ungubani igama lakhe... Ujaha ukukhipha isitatimende ngodaba lokubulawa kwabantu eParis kodwa akasho lutho ngokwenzeka ezweni lakhe,” kusho uMalema.

“Lokhu kukhombisa ukungabakhathaleli abantu bakho njengomholi,” kuqhuba uMalema.

Ngokusho kombiko wePremium Times, uJonathan ubengomunye wabahambe phambili ekugxekeni ukuhlasela okwenzeke eFrance kodwa lutho ngolwaseBaga, ezweni lakhe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.