ISACP idumele ngokukhishwa ngoshwele kukaDerby Lewis

2015-05-30 08:21

Johannesburg – Inhlangano yamakhomanisi iSouth African Communist Party izwakalise ukudumala kwayo ngesinqumo seNkantolo ePhakeme yasePitoli sokudedela ngoshwele uClive Derby-Lewis.  

I-SACP isaqhubeka nokunxusa uDerby-Lewis ukuthi aphumele obala ngokuthi ubani owamqasha ukuthi abulale isishoshovu somzabalazo nomholi wayo uChris Hani.

“Singabantu baseNingizimu Afrika asisoze sakhohlwa yisenzo sikaDerby-Lewis,” kusho okhulumela le nhlangano uMhlekwa Nxumalo kwisitatimende.

Uthe i-SACP ayikaze ibe nenkinga nokuthi uDerby-Lewis athole ushwele kodwa ibibona kubalulekile ukuthi ageqe amagula ngalesi sigameko nokuthi wayesihlele nobani ngasiphi isizathu.

OLUNYE UDABA: Uyanyuka futhi uphethiloli ngesonto elizayo

I-SACP inxuse uNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo uMichael Masutha ukuthi asidlulisele phambili lesi nqumo senkantolo.  

Okhulumela uNgqongqoshe uMasutha uMthunzi Mhaga uthe ihhovisi likangqongqosge lizobheka zonke izinhlangothi nezinhlaka mayelana nokudlulisela lesi sinqumo phambili.

UDerby-Lewis udedelwe ngoshwele eseneminyaka engu-79 ubudala ngemuva kokuchitha  isigwebo seminyaka engu-21 kanti iJaji limnikeze ushwele ngenxa yokuphathwa yisifo somdlavuza wephaphu.  

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.