ISilo ngeke sisaya emcimbini oseZimbabwe

2015-08-24 10:07

Bulawayo – INkosi yamaZulu iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu usenqume ukungasalubhada eZimbabwe kulandela izinkonondo zomphakathi waseGwanda.  

IMbube bekumele ihambele umcimbi wezinsuku ezintathu, ozoqala ngoLwesihlanu, kubika iBulawayo24.

Lo mcimbi kulindeleke ukuthi kunandise kuwo abaculi bowokholo abangaphezulu kuka-100 abanye babo abazosuka eNingizimu Afrika. 

Imithombo esondelene nabagqugquzeli bale ndumezulu idalule ukuthi ngemuva kokuphuma kombiko othi iSilo sizohambela eGwanda, umphakathi wazwakalisa ukungenami.

OLUNYE UDABA: ISilo samaBandla ngeke silubhade eZimbabwe - Umbiko

Kuthiwa kwabanjwa imbizo, izakhamuzi zazwakalisa ukuthi uNgangezwe lakhe akamukelekile kuleliya dolobha.

Kwadingeka ukuthi kuthunyelwe ithimba eliphuma eNingizimu Afrika ukuze liyozwa amanzi ngobhoko kulandela umhlangano obusePitoli ngesonto eledlule.

Okhulumela iSilo, uNkosana Thulani Zulu wakhuluma nabezindaba wathi abazi lutho ngohambo lweMbube oluya eZimbabwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.