Johannesburg - IMamelodi Sundowns izomgcina uRodney Ramagalela, nakuba lo mdlali engavamile ukuthola ithuba lokudlala selokhu afika kumaBrazilians.
Lo mdlali wajoyina leli qembu esuka kwiBlack Leopards ngasekuqaleni kwesizini ka-2013/14, kodwa wakwazi ukuqala imidlalo emine vo ngesizini edlule.
Kule sizini izinto zibheda kakhulu, njengoba esadlale imidlalo emibili kuphela kweye-Absa Premiership.
Funda nalolu daba: Ngeke ngigxile ekuphoxekeni kwami - Zulu.
Kodwa noma kunjalo, iSundowns imile kwelokuthi kunendima okusamele ayidlale kuleli qembu esikhathini esizayo.
“ISundowns ayifuni ukumdedela; ithi usezinhlelweni zeqembu njengoba bezolibhekisa emqhudelwaneni weCAF Champions League. Ngeke silwisane nalokho, ngakho sinethemba lokuthi uRodney uzodlala kulo nyaka," kusho uMike Makaab weProSport International etshela iKickOff.com.
ISundowns izoqala oweCAF Champions neSt Michel yaseSeychelles ngoFebhuwari 13.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).