Cape Town – Konke kumi ngomumo ngomcimbi womgubho weqembu
elibusayo i-African National Congress leminyaka engu-103 ozoba seCape Town
ngokusho kukaNobhala Jikelele waleli qembu uGwede Mantashe.
“Ngemuva
kwezigigaba zodaba lokusebenzisa inkundla yaseCape Town sigcine siyisayinile
inkontileka ukuze sikwazi ukuqhubeka nomgubho wethu,” kusho uMantashe ekhuluma
nezintatheli kwingqungqthela yabezindaba eCape Town.
I-ANC kuphoqeleke ukuba
ikhokhe imali elinganiselwa ku-R2.2million ngaphambi kokuthi isebenzise le
nkundla kulo mcimbi ozoba ngoMgqibelo mhlaka 10 kuJanuwari.
OLUNYE UDABA: Inkosi yaBaThembu izohambela umcimbi we-ANC
UMantashe uzwakalise ukunengeka ngendlela
idolobha laseKapa elisingathe ngayo udaba lokusetshenziswa kwale nkundla
yi-ANC.
“IWestern Cape kuseyisifundazwe
esinobandlululo uma i-DA isiphatha ngale ndlela,” kusho uMantashe.
Imigubho
yaleli qembu izoqala ngoLwesine lapho kuzoba nomcimbi wokusikwa kwekhekhe
okuwusuku okwabunjwa ngalo leli qembu 8 Januwari bese kuthi ngoLwesihlanu kube
nomcimbi wesidlo sakusihlwa wokuqoqa izimali eCape Town International
Convention Centre.
NgoMgqibelo kuzoba wumcimbi omkhulu ovuleleke wonke umuntu
enkundleni yezemidlalo okuzokhuluma kuwona uMengameli waleli qembu uJacobo
Gedleyihlekisa Zuma.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter