Ibelethile intombazane, 11, eyakhulelwa ngokudlwengulwa

2015-08-14 08:06

Asuncion - Ingane yentombazane eneminyaka engu-11 ubudala eyanqatshelwa ukuhushula isisu ngemuva kokhulelwa ngokudlwengulwa yisoka likanina ibelethile ngoLwesine ngokusho kodokotela.

Udaba lokukhulelwa kwale ntombazane kwasusa umsindo edolobheni lase-Asunction eligcwele kakhulu abantu benkolo yamaKhatholika njengoba iziphathimandla zanqaba ukuthi  isihushule isisu ngemuva kokudlwengulwa.

Kubikwa ukuthi ukuhushula isisu kuleli dolobha akuvumelekile ikakhulukazi uma kuzobeka impilo yowesifazane engcupheni.

Iziphathimandla zathatha isinqumo sokuthi le ntombazane ayiqhubeke nalesi sisu ize ibelethe njengoba yayineminyaka engu-10 ubudala ngesikhathi idlwengulwa.

OLUNYE UDABA: Incwadi ebhaliwe eduze kwenja ebulawe ngesihluku

 Ngokombiko le ntombazane ibelethe ngohlelo lokusikwa ngoLwesine ingane yentombazane enesisindo esingu-3.5kg, kusho uDkt Dolores Castellanos okunguyena obeqhuba uhlelo lokubelethisa le ntombazane.

Ingane iqanjwe igama elithi Milagros okuyigama elichaza ukuthi izimangaliso ngolwimi lwaseSpain.

Le ngane ibelethwe ngemuva kwamasonto angu-37 kanti odokotela baveze ukuthi isesimweni esilungile ngokwempilo kanti basazoyigcina amahora angu-72 ngaphambi kokuthi bayidedele igoduke nosana lwayo.

Kusalindeleke isigwebo ecaleni likayise wale ngane uGilberto Martinez Zarate oneminyaka engu-42 ubudala njengoba engase abhadle ejele iminyaka ephakathi kuka-12 no-15.  

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.