'Ichithiwe into edala iLong Illness eKZN'

2015-08-10 16:32

Durban- Cha ngikhathele, sengike ngabuza ukuthi sifo sini le Long Illness ethatha osaziwayo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu kushone u-R Mashesha, naye kuthiwa uthathwe yiso lesi silwanekazi esibizwa ngeLong Illness.

Kanti ngempela sidlani thina KwaZulu-Natal le engadliwa osaziwayo kwezinye izifundazwe?

Ngabe mhlampe ichithwe emoyeni lento edalalesi sifo esiqhoboza abantu esifundazweni? Ngakhula ngizwa kuthiwa kunoPhungukani maZulu owayekhonela ukuqeda isizwe samaZulu. Abanye babethi uPhungukani maZulu uhamba ngemoto ebomvu abulale kwamZulu ahlangana naye. Abanye babethi uPhungukani maZulu ubuthi obuthile obufakwe ema-orintshini nasempuphwini.

Funda nalolu daba: Asibingazi 'inkomo' namabele kule nyanga

Ngiyafisa ukwazi ukuthi owamanje uPhungukani maZulu ufakwephi, hhayi uyabaqeda abantu. Bonke bahamba ngeLong Illness.

Angeke ngathi abantu bathathwa yingculazi, akaze ngibahlole futhi ingculazi ayibulali…izifo ezihlaselana kalula uma unayo, nazo ziyelapheka. Pho abantu bathathwa yini bantwana benkosi?

Mhlazana ngathola impendulo ezonganelisa ngeLong Illness, ngiyoma ekubuzeni ngayo. Mhlazana osaziwayo bethu bama ekufeni ngiyothula. Kubukeka sengathi impela ifuthiwe i Doom yaseZulwini, abantu baqathaka wena owabona izimpukane kwelikaMdlokombane.

Funda nalolu daba: Abavunyelwe ukuthatha 2 nabo

Ngingamane ngife kuthiwe ngishayiswe yimoto yezidumbu kunokuthi ngibulawe yiLong Illness. Angiyazi yona ukuthi iyini kodwa angeke ingiphathe. Uma ngigula ngoxinwa yizifo lezi ezinamagama ezaziwayo, hhayi oLong Illness abangaziwa.

Ukushona kwabantu esibathandayo bebulawa yiLong Illness kuzosenza sigcine singasazweli. Umbuzo esizozibuza wona owokuthi abazami ngani izaba bayigweme kuthi uma isingenile bayisukumele.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.