Ihudulwe ngemoto ingane yesikole ebibanjwa inkunzi

2015-01-16 14:31
Johannesburg - Kulimale ingane yesikole eneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi ihudulwa ngemoto ngemuva kokubanjwa inkunzi emgwaqeni uBeyers Naude Drive, eMontgomery Park, eRandburg, kusho ikhansela le-DA ngoLwesihlanu.

Lo mfana ubehamba nomngani wakhe bephuma esikoleni belibangise emakhaya ngesikhathi bemelwa yimoto eduze kwabo emgwaqeni uBeyers Naude Drive, kusho ikhansela likaWard 87 u-Amanda Forsythe.

Kule moto kuphume indoda yaphuca umfana iselula yakhe, kusho ufakazi etshela uForsythe.

"Lo mfana onesibindi uke walwa elwela iselula yakhe, wabe esebambelela emotweni ebihamba wahuduleka amamitha angu-70 ngaphambi kokuba isigebengu simise imoto simsuse."


OLUNYE UDABA:Idla lubi inkunzi eKapa

Lo mfana uphuthunyiswe esibhedlela iHelen Joseph.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Richard Munyai ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayile endaweni yesigameko yize kungacaci ngokuvulwa kwecala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho       

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

















































































































































































































































































































































































































NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.