Imibono ngezikole ezinamagama 'aphecelezi'

2015-01-15 14:30
Cape Town - Isifundazwe saKwaZulu Natal sithi sizimisele ukushintsha amagama ezikole angahambisani nokukhuthaza abafundi futhi angagqugquzeli imfundo ngoba sisola ukuthi anomthelela ekutheni abafundi bangenzi kahle ezifundweni zabo. 

Phakathi kwamagama ezikole okuthiwa awakhuthazi kubalwa iMathangetshitshi High School noNkawu High School KwaNongoma, Mgwazeni High School eMtubatuba, Mhlupheki High School KwaNgwanase nezinye ezinamagama "aphecelezi". 

Nakuba kunalesi sikhalo ngala magama kodwa abanye bayaphikisana naso njengoba bethi ukuqanjwa kwezikole ngala magama kuhambisana nomlando walapho zizinze khona. 

Kungabe uyahambisana nokuthi amagama alezi zikole ashintshwe? 

Kungabe anomthelela ngendlela abafundi abaphasa ngayo izifundo zabo?

Bayaphendula: 

UScello Gumbi uthe: Yikho lokhu abakwaziyo nabalibala yikho esikhundleni sofaka isandla bathathe le mali ezomosheka kushintshwa amagama ezikole, bakhuphule imihlomulo yothisha, bathenge izincwadi nezinye izinsiza kufunda nokufundisa ukuze wonke umuntu oyingxenye ezojabula nokukufunda kuzoqhubeka wonke umuntu egculisekile kunyuke izinga lokuphasa. Lezi zikole iningi lazo ukuze zibe khona amakhosi nezinduna lezi ezibizwa ngabo, zazidayisa izinkomo zazo esibayeni ukuze kuzoba namagumbi okufundisa, kwayi ma uMnyango uqala uxhasa.

ULee Ndlovu uthe: EMgwazeni kusetshenziswe igama lendodana yeNkosi uMtubatuba. Angiboni bengavuma lishintshwe abaKhwanazi.

UMpiloni Zondi uthe: La magama anomlando omkhulu, uma eshintshwa sekungaba ukususa uchuku ngoba thina esifunde kulezo zikole siyawathanda. Angiyiboni inkinga ngawo.

UZanele Mamthembu uthe: Zingaki izikole ezinamagama amahle kodwa azenzi kahle? Ake siyeke ukuphumputha sibhekane ngqo nembangela, akungadlalwa ngemali.




Bheka IziNdaba News24 kuFacebook, ubone ukuthi abanye batheni.



Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.