Indoda ithi kukhathala isithandwa sayo embhedeni

2015-08-14 12:35

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-46 ubudala waseMmakaunyane eTshwane owaziwa njengesilwane esithanda inyama kuphela uthi uyingwe embhedeni.

UJabulani Singo akalindi ukuthi ize iphekwe inyama njengoba eyidla ikuhlaza injalo kanti lokhu isikwenze iminyaka engu-30 edlule.

USingo uthi uyakuthokozela ukudla inyama yangaphakathi ekuhlaza futhi akayifaki ngisho nosawoti.

Ngesikhathi abeDaily Sun bevakashele uSingo bamufice edla inyama yenkukhu ekuhlaza emnyango kanti le nkukhu ibisathanjiswa ebhakedeni eligcwele amanzi.

OLUNYE UDABA: Ushumpulwe ikhanda obanjwe ejola

USingo uthi ukholelwa ekutheni ukudla inyama yenkomo, eyenkukhu neyangaphakathi ekuhlaza kumenza ingwe ekamelweni.

USingo uthe iningi labangani bakhe linenkinga yokungavukelwa kanti futhi bayaphoqeleka ukuba bathole usizo.

“Bavakashela izangoma nodokotela, sengibone izithandanzi eziningi zihlukana ngenxa yezinkinga zasekamelweni.

“Isithandwa sami asikhali ngalutho ekamelweni ngoba angikhathali kunalokho kukhathala sona,” kusho uSingo.

USingo uthe waqala ukudla inyama ekuhlaza esaneminyaka engu-12 ubudala ngesikhathi kuhlatshwe inkomo kubo kanti akakaze ayeke ukuyidla selokhu.

UMakhelwane kaSingo, uShanggy Mbekwa uthe uSingo uyindoda enezimangaliso.

“Angisoze ngayidla inyama njengaye," kusho uMbekwa.

Ucwaningo olwenziwe ngabeLivestrong Foundation luveze ukuthi kuyingozi ukudla inyama yenkomo ekuhlaza.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.