Indumalo kuhlawuliswa okhulelise umshana eKZN

2015-06-11 10:07

Durban – Baphume benikina amakhanda abazali namalungu omphakathi eNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma ngemuva kokuba owesilisa owakhulelisa umshana wakhe ehlawulisiwe imali ngaleli cala.

Ngokubika kweDaily Sun laba bebengagculisekile ngesinqumo senkantolo sokuhlawulisa lo mlisa oneminyaka engu-55 ubudala imali engu-R10 000 ngokukhulelisa umshana wakhe oneminyaka engu-25 ubudala.

IMantshi uMuntukayise Khumalo ihlawulise lo mlisa ngecala lokuzimbandakanya ngokocansi nelungu lomndeni.

Icala lokudlwengula elabe libhekene nalo mlisa lahoxiswa ngemuva kokuba lo mshana atshela inkantolo ukuthi ubethandana nomalume wakhe futhi akazange amphoqe ukuthi baye ocansini.

OLUNYE UDABA: Owesifazane usinde kubadlwenguli ngokuthi athi une-HIV

Uyise wale ntombazane utshele leli phephandaba ukuthi ubefuna umfowabo ajeziswe kanzima ngokumosha ikusasa lendodakazi yakhe.

“Ube nesibindi sokutshela inkantolo ukuthi uselale nendodakazi yami iminyaka engu-9.

Lokhu kuchaza ukuthi waqala ukulala nayo isengaphansi kweminyaka,” kusho uyise wale ntombazane.

Lo msolwa uthe umkakhe usemxolele futhi usebuyele emzini wabo nezingane.

“Ngibonile ukuthi ngenza iphutha ngakho angisathandi ukukhuluma ngalolu daba.

Ngifuna ukulidlulisa sengiyikhokhile inhlawulo sengifuna ukweseka ingane yami,” esho. 

Lolu daba lwaqala ladluliselwa kwinduna yendawo uGadokwayo Thuni yahlawulisa lo mlisa izinkomo ezimbili.

UThusi uthe uyabona ukuthi umndeni udumele kodwa uyathemba lo mlisa usesifundile isifundo.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.