Inkakha kamaskandi emdlalweni kamabonakude

2015-01-13 18:31

Durban – Inkakha yomculo kamaskandi uMfiliseni “Mqabulasheshe” Magubane uzobonakala emdlalweni wochungechunge osihloko sithi Uzalo ozoqala ukukhonjiswa kumabonakude maduze. 

Ngokubika kweDaily Sun uMagubane uzokhombisa elinye ikhono lakhe kwezokulingisa kulo mdlalo ozobe ukhonjiswa kuSABC 1 kuwona lo nyaka.

Lo mculi oneminyaka engu-49 ubudala wodumo lwengoma ethi Natasha uthe okwamanje akavumelekile ukuchaza ngendawo azoyidlala.

“Ngiyaqinisekisa ukuthi ngizolingisa kulo mdlalo kodwa angivumelekile ukukudalula,” kusho lo mculi okuzophinde kuzwakale izingoma zakhe kuwona lo mdlalo ozogxila kakhulu ezintweni ezithinta ulimi, usiko nokunye kwesiZulu.

OLUNYE UDABA:Owayegijima kuMaZulu uthokozela ukucula umaskandi

UMagubane uthe umatasa uqopha izingoma ezizozwakala kulo mdlalo nebika lawo njengoba eveze ukuthi ezinye izingoma seziqediwe.  

UMagubane akamusha ekuqopheni izingoma zemidlalo eyahlukene njengoba eseke waqopha izingoma zamafilimu nezeshashalazi okubalwa iSarafina!, Township Fever, Magic at 4 AM neMaria Maria.

Lo mdlalo Uzalo unabaqondisi abathathu abadumile okubalwa kubo uDuma KaNdlovu ongumsunguli weMuvhango, uGugu Zuma oyindodakazi kaMengameli Jacob Zuma obuye abe ngumlingisikazi nosomabhizinisi uPepsi Pokane.   

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.