Johannesburg – Isilomo somsakazi uBob Mabena uthembisene
umshado nesinqandamathe sakhe seminyaka u-Eucharist Hadebe.
Ngokubika kweDrum
uMabena ucele lesi siphalaphala sentokazi ukuba simshade ngosuku lukaNcibijane.
Nakuba esethembisene umshado nale ntokazi kodwa uMabena uthi abakalihleli usuku
lomshado.
“Njengoba sengineminyaka engu-45 ubudala sengihlakaniphile
angisazijahi izinto,” kusho uMabena.
OLUNYE UDABA:Kuhlawuliswe iKaya FM
“Nginenhlanhla enkulu kabi mina
ngithembisene umshado nowesifazane engimthandayo,” esho.
Kuyacaca ukuthi lo
msakazi akakaze aliphose ithawula ngothando njengoba uma kwenzeka egcina eshada
uzobe esebopha ifindo okwesibili.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMabena wayeshade
noZandi Nzalo kodwa izinto zagcina zingahambanga ngokwezifungo zabo zomshado
njengoba baphetha ngokwehlukanisa.
“Amanye amadoda awalitholi ithuba lesi
sibili yingakho ngithi nginenhlanhla ngalona wesifazane,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter