Inkantolo ivune iDA ngeSMS ethi uZuma 'uyisela'

2015-01-19 12:33

Johannesburg - Iqembu le-DA alenzanga okuphambene nomthetho ngesikhathi lithumela imiyalezo ethi uMengameli uJacob Zuma webe imali yabakhokhi bentela, kusho iNkantolo yoMthethosisekelo ngoMsombuluko.

Le nkantolo isichithile isinqumo seNkantolo yezoKhetho sokuthi umyalezo owawubiza uZuma ngesela wawungukuphawula okungekuhle.

INkantolo yoMthethosisekelo ithe iqembu eliphikisayo alenzanga okuphambene nomthetho ngokuthumela imiyalezo.

Funda nalolu daba: Ukusebenzela uMadiba akumshintshanga uZelda.

Emyalezweni, owathunyelwa kubantu abangaphezulu kwabangu-1.5 million eGauteng ngoMashi odlule, iDA yathi: "Umbiko ngeNkandla ukubeka ngokusobala ukuthi uZuma wayeba kanjani imali yenu ukuze akhe umuzi wakhe ngo-R246m. Votela iDA ngoMeyi 7 ukuze kuqedwe ngenkohlakalo. Ngokubambisana singalwenza ushintsho.”

Umyalezo wathunyelwa ngemuva kokuba umbiko woMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, uveze ukuthi uZuma kanye nomndeni wakhe bahlomula ngokungemthetho kulungiswa umuzi wakhe oKwaZulu-Natal.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.