Cape Town – Izohambela umcimbi we-African National Congress obizwa
ngeJanuary 8 inkosi yaBaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo ngemuva kokumenywa
nguMengameli Jacob Zuma.
Ngokubika
kweDaily Dispatch uMengameli uZuma wamema inkosi uDalindyebo ngesikhathi ifike
emzini wakhe oseNkandla izoxolisa ngosuku olwandulela uKhisimusi.
Okhulumela
inkosi yaBaThembu uMfundo Mtirara uthe:
“Inkosi yamukela lesi simemo
sikaMengameli Zuma ngokwesikhundla sayo njengenkosi.
Inkosi ngokwayo isayilungu
lokuqina leDemocratic Alliance,” kusho uMtirara enanela ngokuthi abantu
mabangadideki futhi bangapilitiki ngesenzo senkosi.
OLUNYE UDABA:Inkosi yabaThembu ixolise kuZuma
Inkosi
uDalindyebo eyilungu lokuqina leDA phambili yabiza uMengameli Zuma “ngomqambi
wamanga” futhi wambiza “ngomfana womZulu”.
Ikhuluma ngesikhathi iyothelelana
amanzi noMengameli inkosu yathi:
“Ngize lapha ngizozehlisa ngokukhuluma kabi
ngoMengameli.
Uselokhu engubaba njalo kimina. Uthando lukaNkulunkulu luyohlale
njalo lukhona phakathi kwethu uma sikhumelana umlotha,” kusho uDlindyebo.
UMengameli Zuma wakwamukela ukuxolisa
kwenkosi.
“Sengikuxolelile, nkosi yami, ngenhliziyo yami yonke.
Eqinisweni
bengingaphathekile kabi.
Angiphendulanga kulokhu owakusho ngoba ngangihlonipha
isikhundla sakho,” kusho uZuma enanela ngokuthi kubalulekile ukuthi ukuqinisa
ubudlelwano phakathi kwesizwe saMaNxamalala nesaBaThembu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter