Johannesburg - Abafundi abaphumele kahle umatikuletsheni wabo KwaZulu-Natal kumele babheke ekutheni benze izifundo zolimo, kusho iNkatha Freedom Party ngoLwesibili."Kunokukhathazeka okukhulu ngendlela engekho ngakhona intsha kulo mkhakha,” kusho okhulumela i-IFP uNhlanhla Msimango esitatimendeni.Uthe ezolimo azibukeki njengomkhakha owubukhazikhazi.OLUNYE UDABA: Uyisibonelo esihle owafeyila uMatric kaningiIKwaZulu-Natal inamathuba amaningi kwezolimo, kanti lo mkhakha unemali unjalo nje kubalimi abasebancane, esho."Kuningi okumele kushintshe kwezolimo ukuze kuhehwe abantu abasha. Kumele kuguqulwe nezifundo emanyuvesi ukuqinisekisa ukuthi intsha iyaheheka ekutheni ingene kulo mkhakha.”UMsimango unxuse ukuba kube nezikhungo zokuqeqesha abantu ngezolimo esifundazweni. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter