Intululwane yezinhlamvu kobecashe ophahleni eKZN

2015-08-25 12:33

Durban - Lusale lumbobombo izinhlamvu uphahla lomuzi ngemuva kokugasela kwamadoda angoshayasibhamu abezenza amaphoyisa avulela ngenhlamvu eCopesville, ngokusho kombiko.

Ngokubika kwe-Eyethu usale elele edamini legazi uMduduzi Mathonsi (33) emuva kokuthi la madoda amane egasele kubo avulela ngenhlamvu ebhekise kuyena nomfowabo omncane uQinisani Zondi (22) yena osindile.

Kusolwa ukuthi uMathonsi noZondi bebelele endlini ngesikhathi bezwa umsindo, uMathonsi kuthiwa ubalekile wangena ophahleni phezulu endlini nokuyilapho bemdubulele khona washona ujuqu.

Ngesikhathi leli phephandaba lihambele l omuzi ngoMsombuluko lifice kunezimbobo zezinhlamvu zesibhamu ezingaphezulu kuka 50 odongeni, emnyango nasophahleni lapho isidumbu sikaMathonsi sitholwe  silenga khona. 

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa abulale obesolwa ngecala lokudlwengula e-KZN

Ilunga lomndeni elikhulume ne-Eyethu uLondiwe Ndlovu uthe akanaso isiqiniseko sokuthi kungani uMathonsi ehlaselwe kodwa wathi kusobala ukuthi la madoda abemfuna efile.

“UMathonsi ubesanda kufika kule ndawo esuka eGreytown, cishe ufike emasontweni amabili edlule.

Ngokwazi kwethu ubengaxabene namuntu, la madoda abemfuna efile ngoba uzamile ukubaleka kodwa bangamnika thuba futhi abantshontshanga lutho endlini.”

Okhulumela amaphoyisa aseMountain Rise uWarrant Officer Joshua Maistry uthe la madoda ahlasele uMathonsi abengagqokile umfaniswano wamaphoyisa wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanye nelinye lokuzama ukubulala.

“Kusolwa ukuthi lamadoda amane amemezile athi angamaphoyisa abe esefuna ukungena endlini.

Abebephakathi endlini basabile ukuvula umnyango bakhetha ukucasha ophahleni.

Abasolwa babe sebedubula umnyango bangena badubula izisulu, kwalimala oyedwa omunye washona.”

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.