Inyanga yabesifazane: 'Abavunyelwe ukuthatha 2 nabo'

2015-08-06 17:29
Sibongiseni Shangase

Sibongiseni Shangase (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Johannesburg - Sengikhathele ukuzwa indaba yenyanga yabantu besifazane ehlale njalo ikhuluma ngokuhlukunyezwa kwabo kanye nesenzangakhona.

Umuntu ocuphe uchuku uzothi ngiziba ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngoba ngicabanga ukuthi akubalulekile yini…cha akunjalo.

Ngithanda ukuphuma eceleni okojosaka wesosha ngoba vele bonke abantu uma kukhulunywa ngenyanga yabantu besifazane bagxila kakhulu kule yokuhlukunyezwa kwabo bengabe besabheka neminye imixhantela ethinta bona njalo abantu besifazane.

Funda nalolu daba: Asibungazi ukuba namabele 'nenkomo' kule nyanga

Phakathi kwezinkinga ezikhungethe abantu besifazane ngaphandle kwama-legging ne-weave, yilento yesithembu. Kuya ngokungikhanyela ukuthi onkabi laba bangabhaca ngesithupha nje mabethanda kodwa nabo bayakwazi ukuthanda abantu ababili ngesikhathi esisodwa. Lento yesithembu ivame emadodeni  kuze kuthiwe anezinhliziyo ezingaphandle.

Angisho ukuthi bonke abantu besifazane kumele bathathe isithembu, kepha ngithi labo abazizwayo ukuthi banayo intshisekelo yokuzibandakanya namadoda amabili kuya phezulu kumele basekwe bakhuthazwe ukumela lento kunokuba bafihle.

Inzima yona le yesithembu ngoba ihlula amadoda…angenwa ngamanzi emadolweni uma kumele aphumele obala ngaso kumbe athule ngokusemthethweni uMaMncane koMaMkhulu. Sengiyibone kaningi lento ikakhulukazi kubantu asebeshadile.

Nakhu umrepha uPro-Verb kusanda kuvela ukuthi umkakhe usebe neshende (beshadile) isikhathi esilinganiselwa eminyakeni emibili.

Funda nalolu daba: Ayikho into ecoba igazi njengokwaliwa

Umbono wami uthi, uma ukwazi ukuthi wanelise abantu ababili ngankathi-nye ungahlulwa yini pho ukuba nesithembu…umehluko uwodwa nje ukuthi isithembu bayazana bobabili ukuthi bagibela-hhashi-linye kanti ngapha usuke ubafihlele bobabili kumbe kwazi oyedwa omunye engazi.

Kaningi oyedwa usuke azi ngomunye. Ngokunjalo nawo amadoda, uma intshontshana nonkosikazi womuntu isuke yazi kahle ukuthi unkosikazi womuntu lo, ikubekezelele loko futhi ikuhloniphe.

Yini pho singakwazi ukwamukela ukuthi cha umkami uthandana nenye indoda njengoba sikwazi ukwamukela ukuthi akufihlelwe lo osemagunyeni. Abantu besifazane mabaphumele obala ngesithembu sabo, ngoba vele bayakwazi ukukwenza lobo bushokobezi!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
7 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.