Iphoyisa elabanjwa lifumbathiswa seliyasangana

2015-08-12 16:01

Bulawayo - Iphoyisa laseBulawayo elisolwa ngokuzama ukudla imali elinganiselwe kwengu-R 38,22 elalifumbathiswe yona eBarbourfields Stadium seliyasangana kanti futhi lingeniswe esibhedlela iNgitsheni Psychiatric.

Amaphoyisa ahlulekile ukuqhuba inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe  ngemuva kokuba uBishop Mwembe, 29, aqale ukugula ngesonto eledlule.

Ozakwabo baMwembe osebenzela esiteshini samaphoyisa aseMzilikazi bamubopha ngemuva kokuba efumbathiswe imali elinganiselwe ku-R38,22 ngesikhathi evumela abalandeli bebhola bangene enkundleni yezemidlalo lapho okwakukhokhwa khona imali elinganiselwe ku-R63,70 umuntu ngamunye emasontweni amabili adlule.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ecaleni lokulum umunwe wowesifazane

Kusolwa ukuthi uMwembe wahlafuna imali eyamaphepha elinganiselwe ku-R 25,48 ngesikhathi ozakwabo bemubamba oqotsheni efumbathiswa.

IMantshi yenkantolo yaseBulawayo uMarylyn Muchina ngesonto eledlule  wakhipha iphepha eligunyaza ukuba aboshwe uMwembe ngemuva kokuba ehlulekile ukuukuvela ngaphambi kwenkantolo.

Inkantolo ithe abukho ubufakazi obuveza ukuthi uMwenbe usegula ngekhanda.

UMmelila kaMwembe uTanaka Muganyi uqinisekise ukuthi uMwembe ugula ngekhanda.

Amaphoyisa atshele abeChronicle ukuthi uMwembe waphuthunyisw aesibhedlela ngemuva kokuba evukwe wukugula ngesikhathi ehambele isithagami sokuqondiswa kwezigwegwe, kubikwa iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.