Cape Town – Kuphenywa ngephoyisa elizibulale ngemuva kokushayisa umuntu obehamba
ngezinyawo eCape Town ngokusho kombiko.
Ngokubika kweCape Times leli phoyisa
elinguContsable belihamba emgwaqweni u-R300 ngaseMitchells Plain ngoLwesine
ngesikhathi kwenzeka lei sigameko.
“Singakuqinisekisa ukuthi sekuvulwe idokodo
ngokufa kwephoyisa njengoba lilimale kanzima ngemuva kokushayisa umuntu
obehamba ngezinyayo.
Amaphoyisa aphenya elinye futhi icala lokubulala
ngokungenhloso,” kusho okhulumela amaphoyisa u-FC van Wyk.
OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa likamasipala eGoli
UVan Wyk akafunanga ukukhipha eminye
iminingwane ngokuzibulala kwaleli phoyisa elineminyaka engu-30 ubudala.
Kusolakala ukuthi leli phoyisa lishayise lo muntu ohlukane phakathi maqede
lazingqokloza ngesibhamu endaweni engamamitha ayikhulu nalapho bekushayiseke
khona lo muntu.
Okhulumela abakwa-Independent Police Investigating Directorate
uMoses Dlamini uthe usalinde umbiko ogcwele ngaphambi kokuthi baqale uphenyo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter