Maputo – Iqembu eliphikisayo eMozambique iRenamo liveze ukuthi ngeke
lizithathe izihlalo zalo ePhalamende ngenxa yokuthi aligculisekile ngemiphumela
yokhetho kuleli ngokusho kokhulumela leli qembu.
Ngokwemiphumela iFrelimo
yanqoba ukhetho kwathi umholi wayo uFilipe Nyusi waqokwa njengoMengameli waleli
lizwe eliseningizimu ye-Afrika.
Le miphumela yaqinisekiswa yinkantolo yamalungelo
abantu ngoDisemba.
Nakuba lolu khetho
lwamenyezelwa njengoluhambe kahle kodwa iRenamo eholwa ngu-Afonso Dhlakama
wakhononda ngalo njengoba akhala ngokukhwabaninsa nenkohlakalo eyayithinta
amaphepha okuvotela.
OLUNYE UDABA:Aphikisayo asola esemfene okhethweni eMoz
“Ngeke sizithathe izihlalo zethu ePhalamende njengoba
kulindeleke ukuthi sifungiswe ngokusemthethweni ngomhlaka 12 kuJanuwari.
Iqembu
lethu nomholi wethu siqoke ukungabi yingxenye yalokhu kufungiswa kwamalungu
ePhalamende,” kusho okhulumela iRenamo u-Antonio Muchanga.
Lesi sinqumo seRenamo kungenzeka sivuse
udlame kuleli lizwe elinothile ngezokumbiwa phansi njengoba kungase kuqubuke
udlame phakathi kombutho wamasosha kahulumeni nombutho waleli qembu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter