Johannesburg – Inhloko yoKlebe esifundazweni saseGauteng uMajor General
Shadrack Sibiya unikezwe incwadi yokumumisa emsebenzini ngokusho kwehhovisi
lalolu phiko.
“Nakuba esenikeziwe le ncwadi kodwa akakamiswa emsebenzini,”
kusho uCaptain Paul Ramaloko.
“Le ncwadi izothatha izinsuku eziyisikhombisa
futhi uMajor-General uyayamukela njengoba efuna konke kudlule futhi kuhlanzeke
negama lakhe.”
OLUNYE UDABA: OKlebe baphenya isikhulu ngolwezidakamizwa
URamaloko uthe le ncwadi yokumisa uSibiya iqhamuke ngemuva
kophenyo obeluqhubeka ngaphakathi.
USibiya unezinsuku eziyisikhombisa okumele
aphendule le ncwadi achaze ukuthi kungani ebona kufanele angamiswa esikhundleni
sakhe.
USibiya akusiyena kuphela isikhulu soKlebe esibhekene nokumiswa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter