Isimanga usana luphuma luphila emgodini we-toilet

2015-07-18 13:14

Johannesburg - Ngesikhathi uWinnie Makasani, obenezinyanga eziyisikhombisa ekhulelwe, ezwa izinhlungu, ubengazi ukuthi usazokwehlelwa yizinto eshaqisayo.

Lo wesifazane oneminyaka engu-23 ubudala waseMatiyani Village, ngaphandle kwaseMalamulele eLimpopo uye endlini yangasese eseklinikhi eyozikhulula  kanti ingane izovele iphume iwele phakathi emgodini.

Kubizwe amaphoyisa, ngenhlanhla ingane bakwazile ukuyisindisa.

URachel Maluleke, 26, utshele iDaily Sun ukuthi: “UWinnie ubehleli eduzekwami ngaphambi kokuba aphuthume endlini encane. Ngemuva kwemizuzu eyishumi, ubuye esekhala. Ubegcwele igazi ezandleni zakhe engakwazi nokukhuluma ngenxa yokukhala.”

Funda nalolu daba: Bayaveva abasinde kweyesitmela

“Uthe ubelethele endlini encane ngephutha. Amanesi abe esebiza amaphoyisa.”

Unesi uthe: “Abosizo lokuqala bavule amapayipi ngemuva kwetoyilethi. Asikholwanga ngesikhathi sibona ingane iphila. Kuyisimanga ukuthi isaphila. Ibisihlale phakathi amahora ayisithupha.”

UWinnie nengane yakhe baphuthunyiswe eMalamulele Hospital.

UWarrant Officer Sam Matsimbi uthe: “Siphuthe eklinikhi nethimba le-risk management sakwazi ukuhlenga ingane.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.