Isinqumo ngekusasa likaKhune

2015-07-27 09:54

Johannesburg – Kulindele ukuthi kuphume isinqumo ngekusasa likanozinti weBafana Bafana ongena qembu u-Itumeleng Khune kuleli sonto ngokusho kombiko.

U-Itu uchithe amasonto ahlule ezilolonga nomfowabo uLucky eNike Centre eSoweto njengoba efuna ukuhlale esesimweni sokulungela ukudlala ngaphambi kokumemezela iqembu azogijima kulona ngesizini ka-2015/16.  

Umthombo weSoccerLaduma osondelene nalo mdlali uthe noma kanjani kuleli sonto kuzocaca ngekusasa likaKhune njengoba isizini ivulwa ngesonto elizayo.

Umthombo uthe imanenja yalo mdlali isebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi lo nozinti oyintandokazi uyalithola iqembu azogijima kulona ngokushesha.

OLUNYE UDABA:OweBucs ukhale ngamathuba kunqoba ezakhe

“Sengikhulumile nomunye wabantu abasebenzisana noKhune uyathembisa ukuthi ukuthi nankanjani leli sonto lizophela esesayinile neqembu elithile.

Akukacaci noma uzobuyela kwiKaizer Chiefs noma uzodlala kwelinye iqembu kodwa enginesiqiniseko kwakho ukuthi konke kuzophothulwa kuleli sonto,” kusho umthombo.

Kubikwa ukuthi maningi amathuba okuthi lo mdlali abuyele kwiChiefs kodwa iSiya Crew idalula ukuthi konke kusezandleni zakhe njengoba ekhona namanye amaqembu amgaqele.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.